Back

ⓘ Thokozani Langa 9 ngoNhlolanja 1972 - ubye ziwe ngelika Somnandi ngumculi wohlobo lomculo ka Maskandi osuka endweni yaseMahlabathini, Kwa-Zulu Natal. Ngonyaka w ..




                                               

Mahlabathini

                                     

ⓘ Thokozani Langa

Thokozani Langa 9 ngoNhlolanja 1972 - ubye ziwe ngelika Somnandi ngumculi wohlobo lomculo ka Maskandi osuka endweni yaseMahlabathini, Kwa-Zulu Natal. Ngonyaka we-2012 kuMklomelo woMculo waseNingzimu Afrika SAMA ewinela i-alibhamu engu ngqa phambili kumculo kwaMaskandi, enesihloko esithi I-Protection Order.

                                     

1. Imisebenzi

Ngonya wezi-2004 wasayinwa yinkampani ekhiqiza umculo ebizwa ngokututhi yi-Bula Music ukuze akhiphe i-alibhamu yakhe yesithatthu. Emva kukuqgama emsakweni wezwe kanye nasohlwelweni lomculo wesintu elabe lidlala kumabonakude alizawa ngokuthi Ezodumo, igama lakhe laqokwa kuma- SAMA ngonyaka wezi-2013. Lapha wabe eqokelwe kwisigaba se-alibhamu engu ngqa phambili kuMasikandi kanye nengu ngqa phambili kuMbaqanga. Lapha wabe eqokelwe amalibhamu akhe womabili okuyilawa, Iphepha Nepeni 2005 kanye nethi Lishonil Ilanga 2006. Kulesigaba wabe eqhathwe neqembu lombaqanga i-Soul Brothers kanye noBhekumuzi Luthuli.

OkaLanaga wake wabe sembangweni nomunye nomculi kamsakandi uBhekumuzi Luthuli. Ukungathelelani amanzi kwabo kwaze kwaholela ekutheni uLanga akhiphe i-alibhamu eyabe inesihloko esithi Phuma Kimi 2007. Le-alibhamu yanqoba kuMklomelo woMculo weSintu waseNingizimu Afrika kuMandulo ngonyaka wezi-2007, izizwa kwisigabe seCiko leSilisa elihamba phambili.

                                     

2. Ama-alibhamu

  • Igama Lami 2014
  • I-Protection Order Ukuvikeleka oKugunyaziwe 2011
  • Khuzeka Mshana 2015
  • Inganekwane 2009
  • Inyakanyaka 2013
  • Ipeni Nephepha 2005
  • Phuma Kimi 2007
  • Sthanda iFamily 2010
  • LishonilIlnaga 2006
  • Isiqalekiso 2017
  • Wawuthini? 2008
  • Amabrazo 2016
  • Nganginemali 2012
                                     

3. Imiklomelo

  • 2012 - UMklomelo woMculo ewaseNingzimu Afrika SAMA - I-Protection Order - Wanqoba
  • 2007- UMklomelo woMculo weSintu waseNingizimu Afrika SATMA - Phuma Kimi - Wanqoba
                                     
  • Thokozani langa lishonile ilanga 2005
  • String Quartet - Stimela - Straatligkinders T Theatre ibhendi - Thokozani Langa - Thwalofu - TKZee - Trenton and Free Radical - Trevor Jones U Uboneni
  • Elvis Blue for Elvis Blue 2CD Special Edition Best Maskandi Album: Thokozani Langa for I - Protection Order Best Kwaito Album: Big Nuz for Pound for Pound
  • Omasikandi abagamile ngalesi sikhathi kubala Umgqumeni ongasekho emhlabeni, Thokozani Langa Mtshengiseni, Igcokama Elisha, Jaiva Zimnike, Amageza Amahle nabanye